Sanibona bafundi besiZulu AZUL241/AZUL2111/1ZUL241/1ZUL211

Abanye benu angase abadide la makhodi, kepha okuyokusiza kakhulu ukuthi uma wenza isiZulu sonyaka wesibili kuyobe ubhalise ngeyodwa yala makhodi. Okusemqoka ngukuthi onke la makhodi awesifundo esisodwa futhi esefana ncamashi! Wena-ke mfundi usuyobheka leyo khodi obhalise ngayo, kube yiyona oyisebenzisayo njalo uma ungena kulolu hlelo lwezokuxhumana, kanjalo futhi noma wethula umsebenzi wakho.

Thina-ke esingothisha benu sibane(4) kulesi sifundo: uDkt Mbokazi, Mr Khumalo uDkt. Myeni  kanye noMr Mthembu.

Sicela nikubambisise impela-ke lokhu kwehlukaniswa kwemisebenzi yenu ngothisha abanifundisayo ngoba uma uke  wakuphambanisa kobe sekubhedile.

SIYABONGA