Bafundi 
Ngiyanamukela kulo munxa wesifundo omayelana nokungeniswa ekucijweni ngocwaningo. Inhlosongqangi yalesi sifundo yikho ukuninika amasu okwenza ucwaningo, okuyilo enilindeleke ukuba niqhubeke ukufunda ngalo emazingeni angaphezulu kwaleli zinga enikulo njengamanje.
Ngaleyo ndlela-ke kuhle lesi sifundo nisibuke futhi nisemukele ngokuthi asigcini nje ngokuthi siyisidingo saleli banga enikulo njengamanje, kodwa nokuthi sinicabela indlela enizohamba ngayo lapho senifinyelele emazingeni aphezulu kunaleli enikulo njengamanje.
Ayikhanye-ke indlela!