AZUL151_OLD: Sounds, Words and their Dynamics (A) - AZUL151/1ZUL151
Weekly outline
-
Mfundi
Siyakwemkukela esifundweni i-AZUL151). Lesi sifundo siqukethe lokhu okulandelayo:
· Izizathu ezenza ukuba kufundiswe lesi sifundo kulolu hlelo.
Ukuba ufundiswe ngoBhalojikelele, iNgcwengazinhlamvu kanye neSakhiwomagama. Ukwazi ukuphimisa amagama ngendlela okuyiyo, wazi nemithelela yokusondelana kwemisindo wazi futhi nangezakhi zamagama.
· Kungani sethulwe kuleli qophelo.
Ukwendlalela ulwazi lwamazinga alandelayo.
· Incazelo yolwazi lwangaphambilini noma oluyisandulela oludingekayo ngalesi sifundo.
Umfundi ophumelele olimini lweBele ebangeni leShumi.
(a) OKULINDELWE UMFUNDISI KUBAFUNDI
Ukwethamela ZONKE izifundo ngokoHlelo loMnyango.
Ubambe iqhaza ngokugcwele kuyo yonke imisebenzi oyinikwayo.
Ubhale yonke imisebenzi uyibuyise ngesikhathi esibekiwe.
Ukusebenza komfundi ngokubambisana nabanye abafundi. Ukuzothamela izifunjwana zansukuzonke kubaluleke kakhulu kulesi sifundo futhi abafundi bayokwazi ukuxoxisana nomfundisi /uthisha wabo kusuka ekuqaleni ukuze kube nemiphumela enezitelo ezinhle ekupheleni kwethemu.
(b) IQHAZA NENGCABHA/YI YABAFUNDI
Kulindeleke ukuba bonke abafundi babesemagunjini okufundela ngezikhathi ezifanele.
· Kuyoba nemisebenzi eminingana eyohlelelwa leso sifundo okungaba izivivinyo zekilasi noma imisebenzi ebhalwayo noma ama-eseyi. Kuyolineleka ukuba umfundi ayilethe ngesikhathi ngaphambi kwesikhathi noma ngesikhathi esimisiwe..
· Kulindeleke ukuba uzenzele ngokwakho umsebenzi. Ukukopisha kuyicala elibomvu. Uyacelwa ukuba uyiveze imithombo yolwazi oyisebenzisisile emsebenzini wakho futhi usebenzise izindlela ezifanele zokubhala imithombo yolwazi.
· Ukubamba iqhaza ekilasini nasemisebenzini
· Ukwenza umsebenzi ngokubambisana/ wamaqembu
· Ukubamba iqhaza ekuhlolweni komfundisi/kukathisha, kwesifundo, njll.
· Ukuzibandakanya ekuzifundeleni kwakho ngqo.
· Ukuthola indlela yakho yokufunda.
(b) IMINININGWANE YOKUXHUMANA YABAFUNDISI
(i) Imininingwane yokuxhumana nom/nabafundisi
Ucingo : 035 902 6053
Imeyili : MbokaziD@unizulu.ac.za
Ihhovisi : Room 508 Arts Building, African Languages and Culture
(KwaDlangezwa Campus)
Ucingo : 035 902 6054
Imeyili : MthembuZ@unizulu.ac.za
Ihhovisi : Room 508 Arts Building, African Languages and Culture
(KwaDlangezwa Campus)
-
SCORM package
-
Forum
-
-
AZUL151 STUDY MATERIAL
-
Assignment
AZUL151 STUDENT GUIDE 2022
-
-
-
-
-
-
-
Quiz
UKUHLOLWA KOKUZILUNGISELELA KUNHLANGULANA
UMKHAKHA WEZOBUCIKO
FACULTY OF ARTS
UMNYANGO WEZILIMI ZOMDABU NAMASIKO
DEPARTMENT OF AFRICAN LANGUAGES AND CULTURE
1ZUL 151 /111 P1
SOUND, WORDS AND THEIR DYNAMICS (A)
ISIVIVINYO (TEST) USUKU 11- 06- 2021
ISIKHATHI: 1h30 AMAMAKI: 50
Abahloli Bephepha
uNkk. S.D. Mbokazi
uDkt. M.Z. Mthembu
-
-
-
-
-
-
-
-
-
-
-
-
-
SPECIAL EXAM AZUL151
-
Assignment
-