Ngiyakwemukela kulesi sifundo soLimi lwesiZulu (400).Njengoba ngizobe ngingumethuli wale mojuli, ngethemba ukuthi ukusebenzisana kwethu kuzothela izithelo ezinhle. Kuyongijabulisa ukuthi nisebenze ngokuzinikela kulo nyaka.

 Kulindeleke ukuthi ube khona kuzo zonke izifundo zale mojuli.  Imisebenzi yonke kanye nezivivinyo kufanele kwenziwe ngesikhathi okuvunyelwene ngaso.

·       Inhloso yalemojuli ukuqinisa nokugcizelela ulwazi lolimi namakhono okusetshenziswa kolimi kubafundi abafundela ubuthisha/ukufundisa.

·        Ukwethulwa kwalezi sifundo kuleli zinga ukuhlomisa nokuthukukisa abafundi bolimi ngendlela enenjula yolimi lwesiZulu ukuze bakwazi ukudlulisela ebantwaneni abazobafundisa ngokuziqhenya.

·       Umfundi wesigaba sesine ukuze akwazi ukwenza lesi sifundo kumele aphothule zonke izifundo zolimi lwesigaba sesithathu.

·       Ukusetshenziswa kolimi

·       Izifundo zolimi

·       Izifundo zobuciko

·       Ukucabanga nokuhlela imicabango(Thinking and reasoning)

·       Ukusetshenziswa kwezinkondlo  (use of poetry)

·       Ukusetshenziswa kwezithombe (use of pictures)

·       Imidwebo nemifanekiso (use of drawings and graphic presentation)

·       Ukuhlola indlela yokucabanga nokuhlela imicabango (assessing thinking and reasoning)

 Wemukelekile ukuzongibona uma udinga usizo oluphathelene nale mojuli. Ngilindele ukuthi sisebenzisane kahle kule mojuli.

UKUSEBENZA KOLIMI

Imikhakha yelingwistiksi

Fonenetiki, iMofoloji ,Semathiki,Sithekisi

Uhlelo lokusebenzisa

ulimi

Izingcezu zenkulumo

 ubuciko bomlomo