Ukufundwa kwamanothi

Ukufundwa kwamanothi

by Ntokozo NMAR. Nzuza -
Number of replies: 0

Bafundi ngizonifundela amanothi ngiwachaze ukuze okungacacile kuhlale obala ngoba abanye benu banomkhuba wokuthatha okusemanothini njengoba kunjalo bathi kuphelele. Kuyiphutha ukubhala nokusebenzisa okuthola kuwo ube nethemba lokuthi ungazuza amamaki aphelele wena kungabonakali mizamo yokuthi kukhona okufundile nokukhombisa ukwengezelela ulwazi kuleli zinga. Kumqoka ukufunda ube uqaphele ukuthi ufunda ini kanjani futhi ikusasa lolimi othi ulufunda lukuphathele ini uma usazoqhubeka nalo ulimi. Kungakuhle umfundi nomfundi azame ukwenza okuyikho ukuze kube nempumelelo. Zimiseleni ekwenzeni ubulungiswa nazi ukuthi ukuhlelwa kwegama esiZulwini kuhamba ibanga elide. Owenu uthisha onifisela ukufunda nokubambisana kuze kube niyaphumelela.