AZUL332/1ZUL332 - IsiNtu Linguistics, Heritage and Introduction to Research

Course categoryisiZulu
Bafundi 
Ngiyanamukela kulo munxa wesifundo omayelana nokungeniswa ekucijweni ngocwaningo. Inhlosongqangi yalesi sifundo yikho ukuninika amasu okwenza ucwaningo, okuyilo enilindeleke ukuba niqhubeke ukufunda ngalo emazingeni angaphezulu kwaleli zinga enikulo njengamanje.
Ngaleyo ndlela-ke kuhle lesi sifundo nisibuke futhi nisemukele ngokuthi asigcini nje ngokuthi siyisidingo saleli banga enikulo njengamanje, kodwa nokuthi sinicabela indlela enizohamba ngayo lapho senifinyelele emazingeni aphezulu kunaleli enikulo njengamanje.
Ayikhanye-ke indlela!

1ZUL241: Sounds, Words and their Dynamics (B)

Course categoryisiZulu

Sanibona bafundi besiZulu AZUL241/AZUL2111/1ZUL241/1ZUL211

Abanye benu angase abadide la makhodi, kepha okuyokusiza kakhulu ukuthi uma wenza isiZulu sonyaka wesibili kuyobe ubhalise ngeyodwa yala makhodi. Okusemqoka ngukuthi onke la makhodi awesifundo esisodwa futhi esefana ncamashi! Wena-ke mfundi usuyobheka leyo khodi obhalise ngayo, kube yiyona oyisebenzisayo njalo uma ungena kulolu hlelo lwezokuxhumana, kanjalo futhi noma wethula umsebenzi wakho.

Thina-ke esingothisha benu sibane(4) kulesi sifundo: uDkt Mbokazi, Mr Khumalo uDkt. Myeni  kanye noMr Mthembu.

Sicela nikubambisise impela-ke lokhu kwehlukaniswa kwemisebenzi yenu ngothisha abanifundisayo ngoba uma uke  wakuphambanisa kobe sekubhedile.

SIYABONGA

1ZUL321/AZUL321: Understanding a Novel, Short Stories and Essays - AZUL321/1ZUL321

Course categoryisiZulu

Bafundi

Ngicela sibambisane ekwenzeni lo msebenzi womuntu ngamunye. Ngicela kube owomuntu ngamunye ngempela, hhayi ukusizana. Lo msebenzi kungakuhle uthunyelwe kuye uMoodle ukuze sonke sizejwayeze ukusebenza ngaye. Nawu-ke:

Ngokusebenzisa insizakuhlaziya (theory) IFEMINIZIMU, hlaziya indaba emfushane ethi; UBHUKU.

Ukuze nikwazi ukuwenza kahle lo msebenzi kuyaphoqa-ke ukuthi niqale nifunde izimiso zale nsizakuhlaziya ukuze niyiqonde kahle. Uma usubhala-ke ubusuveza ukuthi indaba emfushane ihambisana kanjani nale nsizakuhlaziya.

Lo msebenzi mawungeqi ekhasini elilodwa nohhafu. Ngicela niwubuyise mhla zingama-20 kwephezulu.